Ugwetshiwe umdlwenguli eKZN

2012-11-09 14:04

Johannesburg - Indoda eyalahlwa yicala lokudlwengula owesifazane ophazamisekile emqondweni eClermont, eThekwini, ugwetshwe iminyaka engu-20 esendlini emnyama, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.

NgoLwesine, iNkantolo yesiFunda ePinetown igwebe uSithenjwa Mkhize, 28, ngaleli cala, kusho uCaptain Thulani Zwane.

NgoMashi wonyaka ofile, lo wesifazane wayevakashele uskwiza wakhe eClermont ngesikhathi ebhudukezwa nguMkhize.

"Isisulu sabe sesibika le ndaba kuskwiza, nowabe esahlaba umkhosi emaphoyiseni aKwaDabeka wase eboshwa umsolwa ngo-Agasti 2011," kusho uZwane.

Ube esebonga uphiko olusebenza ngodlame lwemindeni, ukuvikelwa kwabantwana namacala ahlobene nocansi ngokwenza umsebenzi oncomekayo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...