Ugwetshiwe umama owabulala 5 wezingane

2012-11-13 16:25

Bloemfontein - Inkantolo eNkulu eNorth West imgwebe iminyaka engu-12 ebhadla ejele umama owabulala izingane zakhe ezinhlanu, ezine kuzo azigwaza kwathi eyodwa wayiminzisa.

Ijaji uRonald Hendricks ugwebe uVenolia Siwa, 35, iminyaka engu-12 ngengane ngayinye, izigwebo uzosidonsa ngesikhathi esisodwa.

USiwa wazivumela yena la macala ngoSeptemba, wabulala izingane esemngceleni ePampierstad, phakathi kweNorthern Cape neNorth West, ngo-2011.

Esitatimendeni sakhe uthe wagwaza entanyeni izingane ezine, esebenzisa umese wasekhishini, ingane eyodwa wayiminzisa.

Okhulumela abakwaLegal Aid, eNorth West, uThotoane Shale, uqinisekise lesi sigwebo.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C a few showers. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Showers late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 17-23°C Morning clouds. Mild. PE: 17-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...