Ugwetshiwe uGareth Cliff
2012-03-15 16:48
Johannesburg - Usaziwayo kumabonakude oyijaji emcintiswaneni wenhlolokhono ama-Idols, ophinda abe ngumsakazi we-5fm uGareth Cliff ugwetshiwe yinkantolo yeMantshi ePitoli ngoLwesine.
UCliff uvume icala lokuphula umyalelo womgwaqo.
"Ngiyavuma ukuthi engakwenza akulungile, ngiyakuqonda lokho," kusho isitatimende esifungelwe nguCliff, sifundwa ngummeli wakhe uWerner Bruyns.
Inkantolo imgwebe izinyanga eziyisithupha ebhadla ejele okanye akhokhe isamba esingu-R10 000.
Ekuqaleni kwenyanga uCliff waboshwa ngesikhathi ebanjwa ngamaphoyisa eshayela ngesivinini esingamakhilomitha angu-182
ngehora.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News 24