Ugwetshiwe owesifazane ngelokubulala

2012-04-13 10:07
Yabelani Shicilela

Cape Town -  Unikezwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele owesifazane eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngokushaya abulale umshana wakhe, 7, ngesagila, kusho umbiko ngoLwesihlanu.

Iphephandaba iCape Times libike ukuthi uNonkholiso Skotha, 51, utholwe enecala lokubulala uNtumeko Mboxi nelokulimaza nomfowabo, 11, uZama.

Ijaji eliyibamba uNalini Gangen ugwebe uSkotha iminyaka engu-18, kwathi emithathu yalengiswa iminyaka emihlanu.

Laba bafana babedlala ngaphandle komuzi wakhe eWorcester, eWestern Cape, ngoJuni 2010, ngesikhathi ebayalela ukuthi benze imisebenzi yasendlini.

Wathi ebuya ekuvakasheleni omakhelwane wathola umfowabo omdala kuphela, uMvuzo, abanye bengasabonwa.

Wabe esemthuma ukuthi ayolanda laba abancane.

"Ngashaya uNtumeko ngesagila, ngaze ngamyeka eseshonile," kusho uSkotha etshela inkantolo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...