Ugwetshiwe owayefundisa ukushayela

2013-01-18 12:02

Johannesburg - INkantolo eNkulu yasePitoli igwebe uthisha obefundisa ukushayela iminyaka emihlanu ebhadla ejele, ngemuva kokuba ebenesandla ekushoneni kwabafundi ababili ngo-2006, kubike iBeeld ngoLwesihlanu.

UFrans Molekwa, 39, wayekhuluma neselula ngesikhathi eshayela elibhekise eMnyangweni wezokuThutha eHammanskraal ethwele abafundi abahlanu emotweni ayehamba ngayo.

Imoto yaphaphalaza, wehluleka ukuyilawula, yalala amankeyane, kwashona uThato Motolo, ongumshushisi woMbuso kanye nomama owayenengane enezinyanga ezinhlanu ubudala uQuentin Markus Boshoff, 19.

UMolekwa kanye nabanye abathathu balimala kanzima kule ngozi.

Phambilini khona enkantolo, uwaphikile amacala okubulala.

Ummeli woMbuso uTania Carstens uthe uMolekwa ufanelwe yisigwebo esinzima.

"Izisulu nemindeni zalimala kakhulu ngokwenyama nasemoyeni ngenxa yalokhu. Imindeni kwadingeka ikhokhe izimali ezishisiwe ihamba odokotela kanye nokwenza amalungiselelo omngcwabo. Ngakho umsolwa waba nobudedengu okusho ukuthi akumele aphinde avunyelwe ukushayela,” kusho uCarstens.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kudutshulwe usomatekisi nowakwakhe eKZN

Emizuzwini eyi-1 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...