Ugwetshiwe owadoba ushaka
2013-02-04 16:32
Western Cape - Ubufakazi obethulwe eNkantolo yeMantshi yaseMossel Bay, buyithole inecala indoda eyadoba ushaka, lesi sinqumo sishayelwe ihlombe wuMnyango wezamaHlathi kanye nezeMvelo.
Umdobi uLeon Bekker uyalelwe ukuthi akakhokhe isamba esingu-R120 000 noma adonse ejele izinyanga eziyishumi nambili, kusho okhulumela uMnyango uLionel Adendorf.
UBekker wadoba ushaka omkhulu omhlophe, ongavumelekile ukuthi ungadotshwa, lokhu kwenzeka ngenyanga kaMashi ngonyaka owedlule.
“Bekungokokuqala ukuthi inkantolo yakuleli ithethe icala lokudotshwa kukashaka. Ngaphansi koMthethosisekelo akuvumelekile ukudotshwa koshaka. Bavikelekile,” kusho u-Adendorf.
UMnyango uthi isigwebo sizokuba yisifundo nakwabanye abadoba izilwane ezivikelekile.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).