Ugwetshiwe owadlwengula isalukazi

2013-02-27 10:03

Durban - Owesilisa osolwa ngokudlwengula aphinde aphange ugogo ugwetshwe iminyaka engu-15 yiNkantolo yesiFunda eMgungundlovu, kubike iphephandaba iThe Witness ngoLwesithathu.

USanele Latha, 23, wazivumela ngokwakhe ukuthi wadlwengula isaguga, 91, ngoFebhuwari 17, ngokusho kwesitatimende esifundwe enkantolo ngummele kahulumeni uNitesh Binessarie, kubike iphephandaba.

ULatha uthe wangena endlini kagogo ngemuva kokukhipha iwindi.

"Kuthe sengiphakathi ngifica ummangali. Ngakhipha ummese ngamsabisa ngawo," kusho uLatha esitatimendeni.

Wafuna imali, wathungatha indlu yonke, wathola u-R250. ULatha wabe esemdlwengula.

IMantshi uJaco Jordaan igwebe uLatha iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngokudlwengula, ukuphanga nokugqekeza.

Uyalele ukuba isigwebo asidonse kanye kanye waphinde wathi uLutha akumele anikwe ushwele kuze kube uhlala isikhathi esicishe sibe yingxenye yesigwebo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...