Ugwetshiwe owadlwengula ingane yakhe

2012-10-10 07:39

Durban - Indoda, 39, neyadlwengula indodakazi yayo eneminyaka eyisishiyagalombili ubudala, igwetshwe iminyaka engu-13 ibhadla ejele eNkantolo yesiFunda eCamperdown.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe lesi sigameko senzeka ngesikhathi umama wengane eyishiye nobaba wayo ngonyaka odlule, elokishini laseMpumalanga.

“Wathi uma ebuya wabona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngengane. Yabe isibuzwa yathi idlwengulwe ngubaba wayo," kusho uZwane.

Ingane yabe isiyiswa kudokotela, nowafike waqinisekisa ukuthi inukubeziwe.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...