Ugwetshiwe owabulala usana

2013-02-21 12:02

Cape Town - INkantolo eNkulu yaseWestern Cape igwebe umama osemncane iminyaka eyishumi ebhadla ejele ngokubulala ingane yakhe, kusho umbiko ngoLwesine.

I-Daily Voice ibike ukuthi uLumke Jordan, 27, ugwetshwe ngoLwesithathu ngemuva kokulivuma icala lokubulala nelokufihla ukuthi wabeletha.

Wanquma usana lwakhe umqala wacishe walisusa lonke ikhanda ngemuva kokubeletha ngoJulayi 2011.

Ingane wayifaka kuplastiki kadoti wayishiya emijondolo yaseNever-Never ePhilippi, okuyilapho eyatholwa khona yizingane.

Umama kubikwa ukuthi wafanisa lesi senzo njengokunquma inkukhu.

Wayesezame kaningana ukusikhipha isisu emtholampilo kodwa ehluleka wabe eseya enyangeni ukuze imluleke.

Ngokusho kombiko, ijaji uThandazwa Ndita uthe kuyacaca ukuthi ukungasekwa ubaba wengane kanye nezinkinga zemali yikho okudale ukuthi uJordan enze lokhu.

Kodwa, inkantolo itshekwe ukuthi uJordan wayengakwazi ukutholela ingane isondlo noma aphisane ngayo.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...