Ugwetshiwe owabulala umyeni

2012-11-30 12:03

Pretoria - Owesifazane wasePitoli usegwetshwe iminyaka eyisikhombisa ebhadla ejele, lokhu kulandela ukulahlwa yicala lokubulala umyeni wakhe, ngemuva kokuthi babe nengxabano esitolo esidayisa izithuthuthu ngonyaka ka-2010.

Imantshi ithe uRachel Botha, 49, kumele acatshangelwe njengoba akhula ngokuhlukunyezwa, kusho umbiko wephephandaba iBeeld.

Ofakazi batshele inkantolo bathi umufi nomkakhe balwa, unkosikazi emandla kakhulu ecindezela indoda eyabe isilele phansi eyigqimuza ikhanda eyitshela ukuthi ayife.

Indoda yashona ngemuva kokulimala kakhulu ekhanda, yaphuka nezimbambo, inkantolo itshelwe ukuthi lo mshado wabe unezinkinga eziningi ezazidalwa ngumufi owayephuza kakhulu.

Ubaba kaBotha waboshwa uBotha esemncane, kwamele asale anakekele abantwana bakubo njengoba unina naye wabe enenkinga yophuzo oludakayo.

Umphenyi wecala utshele inkantolo ukuthi lona wesifazane ubenomunyu kakhulu, waveza nokuthi ubemthanda umyeni wakhe weminyaka engu-28.
 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C High level clouds. Mild.
Jhb: 3-14°C Mostly sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...