Ugwetshiwe owabulala umakhelwane kubangwa imali

2014-09-23 18:32

Durban - Owesilisa waseMpumalanga owabhokoda wabulala umakhelwane ngommese kubangwa imali, ugwetshwe iminyaka engu-18 ebhadla ejele yiNkantolo yesiFunda yaseTonga ngoLwesibili.

UThulani Titus Mathebula, 25, waseSchoemansdal ngaseMalalane, ulivumile icala lokubulala ngesikhathi evele enkantolo ngoLwesibili.

Waboshwa ngoNovemba 10 ngonyaka odlule ngokubulala uThabisile Bhembe.

OLUNYE UDABA: Owathola ushwele uvelile ngelokubulala unkosikazi

IMantshi u-Edgar Moletsane ithe yize uMathebula elivumile icala futhi engakaze atholakale esephutheni, ukuzisola kwakhe ngeke kumbuyise uBhembe.

"Ulwazi enginalo lutshengisa ukuthi wambulala ngenhloso uBhembe yize ngingenabo ubufakazi balokho.

"Waya emzini wakhe uphethe ummese wase uyamgwaza ngemuva kwengxabano eyaqubuka mayelana nemali ayekukweleta yona.”



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-28 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...