Ugwetshiwe owabulala intombi yakhe
2012-10-12 10:04
Pretoria - Ugwetshwe iminyaka eysishiyagalombili owesilisa owabulala intombi yakhe wase elahla isidumbu sayo emgqonyeni, wase esikhiphela ngaphandle kanye nomunye udoti.
Ijaji lasePitoli lithe umshushisi owamiswa uGeoffrey Maponya bekumele athole isigwebo esithe xaxa kunalesi ihhovisi lezokushushiswa komhpakathi elivumelene ngaso.
Liqhuba ngokuthi isigwebo esingaka asimufanele neze umuntu owabulala, njengoba uMaponya alahlwa elokubulala uPrecious Sibanda, 22, kubika iPretoria News.
USibanda washona ngemuva ngokushaywa ngamaqindi, wakhahlelwa wase enklinywa ngaphambi kokucinwa ngoplastiki.
UMaponya watshela inkantolo ukuthi wayengaqondile ukubulala uSibanda, wathi wamfaka uplastiki ekhanda ngoba esaba ukumbuka ebusweni eseshonile.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24