Ugwetshiwe owabulala abazali

2012-12-03 12:03

Johannesbdurg - Owesilisa oneminyaka engu-24 ubudala uvele wakhihla esikaNandi ngesikhathi ethola odilikajele ababili eNkantolo eNkulu yaseTokoza, kubike iBeeld ngoMsombuluko.

NgoJuni 28, 2008, uLester Abrahams, oseneminyala engu-24 manje, waba nengxabano nobaba wakhe, wabe esemdubula wambulala ngesibhamu sohlobo lwe-9mm.

Ngemuva kwalokho washaya umama wakhe ngepayipi lensimbi washona, kubika izingane ezimbili -- umfowabo omncane nomzala wakhe.

U-Abrahams wabe esezisabisa lezi zingane ngokuthi uzozijezisa kabi iminyaka eminingi uma nje zike zathi vu ngalokhu.

Umshushisi woMbuso uDeon van Wyk utshele inkantolo ukuthi izingane zizohlala nalesi sithombe impilo yazo yonke.

UDokotela uGerard Labuschagne, oyinhloko yophika lwabapheny kweziphathelene nezengqondo, wethule ubufakazi ngoLwesihlanu bokuthi u-Abrahams ukhombise ukungaphili kahle ngokomqondo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered clouds. Cool. Pta: 13-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-17°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...