Ugwetshiwe odlwengule unina edakiwe
2012-10-03 08:30
Mlondi Radebe, The Witness
Durban - Indoda, 30, igwetshwe iminyaka engu-12 ibhadla ejele yiNkantolo yesiFunda eMgungundlovu ngokudlwengula unina, 55, icwile ezinkambeni zikaFaro ngempelasonto.
Le ndoda yaseSweetwaters, nengeke ikhishwe igama layo ukuze kuvikeleke umama wayo, ilivumile icala yathi yayeqiwe wutshwala futhi yayingaqondile ukuzwisa umama wayo ubuhlungu.
“Ngangena endlini ngemuva kokuthi engivulele, ngamphushela phansi ngase ngiyamdlwengula."
Le ndoda ithe iyazisola kakhulu yase icela inkantolo ukuba ibe nozwelo uma seyehlisa isigwebo.
Umshushisi woMbuso uSipho Thwala uthe ukudlwengulwa kwehlisa isithunzi salowo osuke edlwenguliwe.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness