Ugwazwe washona obezama ukugqekeza

2011-01-21 16:38

Johannesburg - Amaphoyisa ase-Eastern cape athi ugwazwe washona umlisa oneminyaka engu-25 ubudala, egwazwa umnikazi womuzi abezama ukuwyugqekeza Kwanobuhle, e-Uitenhage.

Umnikazi womuzi , nokungowesifazane oneminyaka engu-31 ubudala, uphaphame ngesikhathi ezwa umsindo womuntu ozama ukungena ngenkani emnyango wakhe, kusho owamaphoyisa uLieutenant Colonel Priscilla Naidu.

"Lo wesifazane ube esecasha emuva komnyango walinda lomuntu ukuthi angene. Uthe nje lomlisa engena endlini, lo wesifazane wahlala phezu kwakhe ngommese, wamgwaza esifubeni," kusho uNaidu.

Umlisa ke uzamile ukubaleka weqa uthango lwakamakhelwano wawa egaqweni olandelayo washona.

Lo mlisa uzame kabili ukugqekeza emzini walo wesifazane.

UNaidu uthi amaphoyisa avule icala lokubulala kodwa lo wesifazane akakaboshwa, kanti naye uvule icala lokugqekeza evulela lo mlisa.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...