Uguquko ku-NYDA

2012-08-03 12:03

Johannesburg - Alivelanga igama likaSihlalo weNational Youth Development Agency u-Andile Lungisa, emagameni alabo abaqokelwe ibhodi entsha, kusho imibiko ngoLwesihlanu.

Ikomidi lePhalamende liphakamise amagama abantu abayisikhombisa abazongena ebhodini, kubika iBusuness Day.

ULungisa kanye nomholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema, abaphakanyiswanga.

Amagama abantu abaphakamisiwe ngoXoliswa Bambiso owabe ehola iSA Student Congress, iPhini likaSihlalo weNkatha Freedom Party Youth Brigade uZandile Majozi, amalungu e-ANCYL oMuthupi Modiba, Kenny Morolong noMaropene Ntuli kanjalo namalungu eYoung Communist League oYershen Pillay noNyalleng Potloana, kusho umbiko weSowetan.

Amagama aphakanyisiwe azokwedluliswelwa ePhalamende ngoLwesibili, bese uMengameli uJacob Zuma ethatha isinqumo sokugcina.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...