Ugubhe iminyaka engu-16 okwakuthiwa uzofa ena-13

2015-05-04 13:28

Johannesburg - Ukugubha iminyaka engu-16 ubudala kuyinto enkulu kuwona wonke amantombazane kodwa lube yisimangaliso oluka-Ontlametse Phalatse.

U-Ontlametse, yintombazane esikhulile yaseGa-Rankuwa, eTshwane ephila nesifo i-progeria, esenza ukuba umzimba usheshe uguge.

Kwakungalindelekile ukuba eqe eminyakeni engu-13 ubudala, kodwa ngoMgqibelo ugubhe iminyaka engu-16 ubudala eswenke econsa.

Iphathi yokugubha usuku lwakhe lokuzalwa yahlelwa osaziwayo baseGa-Rankuwe namaphethelo kanti obehamba phambili ngusomahlaya uThapelo "Tips" Seemise.

OLUNYE UDABA: Isimanga omnyama ebeletha ingane ewumlungu

U-Ontlametse ujabule kakhulu ngesikhathi esethola isipho sakhe samakhekhe amathathu.

Ngokombiko weDaily Sun, selokhu isimo sale ntombazane enenhliziyo enhle sabikelwa umphakathi, ibilokhu ithola ukwesekwa yizinhlangano namabhizinisi ahlukene.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...