Ugqekemeke engeqiwa ntwala umndeni wobulewe
2013-02-28 10:00
Mlondi Radebe, The Witness
Durban - Umndeni wentombazane etholakale ibulewe yangcwatshwa ethuneni elingashoni eSikhawini, uthi umufi ubeyithemba lawo.
Ukubulawa kukaLondiwe Mngomezulu, 22, obefunda eSikhawini FET College, kushiye umndeni ugqemeke engeqiwa ntwala, kusho okhulumela umndeni uPhilani Mathenjwa.
“Ubengumntwana osebenza ngokuzimisela ezifundweni zakhe, ubefuna ukushintsha isimo somndeni wakhe. Akekho kubo osebenzayo, ubethole uxhaso lokwenza izifundo zokupheka," kuchaza uMathenjwa.
Isidumbu sikaMngomezulu sitholwe ngumsebenzi kamasipala, wabikwa ukuthi unyamalele mhlaka-16 Febhuwari, ngesikhathi abakade behlala naye bebona kuphela isikhathi bengamboni.
Umzala wakhe akhule naye uThulile Mathenjwa uthe: “Ubenamaphupho okusiza abazali bakhe, ubefuna ukubabona bethokozile. Ngizokhumbula indlela abezimisela ngayo nogqozu abenalo." kukhala umzala.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthi sekuboshwe ababili ngalesi sehlakalo, nekulindeleke bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseSikhawini ngoLwesine (namhlanje).
Imbangela yokubulala ibingakazeki.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- The Witness