Ugogo ukwazile ukukhiyela umdlwenguli

2012-11-26 12:03

Pietermaritzburg - Ugogo waseMpendle wabhadame umlisa enukubeza ngokocansi umzukulu wakhe oneminyaka emithathu ubudala wabe esemkhiyela khona lapho maqede wafuna usizo, ukuze aqinisekise ukuthi uyabanjwa ngokushesha.

UThokozani Mbatha, 24, ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda yaseMgungundlovu iminyaka engu-18 ebhadla ejele.

Ngokusho komphathi wegatshi laseHowick lophiko lwababhekela abadlwenguliwe, uLieutenant Selby Nxumalo, uthe icala liphothulwe zingakapheli izinsuku eziyishumi kwenzeke isigameko, umsolwa wabe esegwetshwa iminyaka engu-18.

UNxumalo uthe babikelwe ugogo wengane ngalesi sigameko.

UMbatha, owakhelene nalo mndeni, wavakashela le ngane wabe eseyithembisa amaswidi. Wabe esiyithatha waya nayo endlini encane wayidlwengulela khona.

“Ingane ikhale kakhulu ngesikhathi kwenzeka lokhu, nokwenze ugogo wezwa wabe eseyakhona wambamba oqotsheni lo wesilisa,” kusho uNxumalo.

UNxumalo uthe ugogo ube esekhiya ithoyilethi bephakathi wabiza omakhelwane ukuba bamsize ekuqinisekiseni ukuthi lo uyaboshwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-25°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...