Ugogo ukhala ngendodakazi emgolozelayo
2013-01-17 14:07
Phindile Sibiya, Daily Sun
Johannesburg - Usehlala elusizi ugogo oneminyaka engu-75 ubudala othi uhlaliswe kambi yindodakazi yakhe eneminyaka engu-52 ubudala kanye nabantwana bayo.
UBetty Khara waseSoweto, ukhulume nephephandaba iDaily Sun wathi indodakazi yakhe uVeronica, washonelwa ngumyeni wakhe ngonyaka ka-2010, wase ebuyela ekhaya nabantwana bakhe ababili.
Uthi kusukela kwabuya indodakazi nabazukulu, akakutholi ukuphumula.
"Kusukela bafika, impilo yami inzima. Indodakazi ingiphoqa ukuthi ngilale phansi yona bese isebenzisa umbhede wami. Ingitshela ukuthi ngabulala uyise futhi angeke ihambe, angeke iye ndawo," kukhala ugogo.
Ugogo uthi uhlalele ovalweni njengoba indodakazi ike yasabisa ngokuthi izoshisa umuzi uma ihamba, futhi uzofa maduzane.
"Ngakhuluma namaphoyisa angitshela ukuthi angihlangane nosonhlalakahle - Indodakazi yami yavele yabahleka usulu."
UVeronica, utshele iphephandaba wathi angeke aphume kubo futhi akawasabi amaphoyisa.
"Uma ecabanga ukuthi amaphoyisa azongixosha, akavele akhohlwe. Lona ngumuzi kababa wami futhi angiyi ndawo."
- Thola ezinye
izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).