Ugesi ushokhe umsebenzi eMooi River
2012-12-28 10:02
Lunga Biyela, The Witness
Durban - Umsebenzi wasepulazini eMooi River ushonile ngemuva kokubanjwa wugesi ngesikhathi ethinta intambo kagesi ebilengela phansi kakhulu ngoLwesine.
UTrevor Mabaso, 35, ubebheka amathayi kagandaganda abewushayela ngesikhathi ehlangabezana nale ntambo.
Utholakala elele phansi kukagandaganda ngumqashi wakhe uChris Vickers, nothi lesi sigameko simthuse kakhulu.
“Utholwe yimi ngesikhathi ngiyobheka ukuqhubeka komsebenzi," kusho uVickers.
Uthi ubuhlungu ngoMabaso ngoba ubengumsebenzi oqotho.
Owamaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe kuvulwe icala ngokufa komuntu kanti kuqhubeka uphenyo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness