Ugcwele amathafa obulale intombi eKZN

2011-11-30 16:49

Durban - Isagcwele izinkalo indoda yaseMatikwe ngaseNanda exhokoxhe intombi yayo ngebhodlela likabhiya entanyeni iyiphindelela yaze yafa ngeSonto ntambama kubo kwentombi, kubika iphephandaba iSolezwe.

Umndeni wakwaMngadi, kubo kaJabu Mngadi, 31, oshonile egwazwa yisoka lakhe leminyaka, ukhala ngokuthi isoka belingukhandashisa obehlale ehlukumeza umufi futhi enesikhwele esesabekayo.

USibusiso Mngadi, umzala kaJabu, uthe isoka likamzala wakhe, ulibone emshadweni wakwaZulu endaweni lihlezi nezinsizwa kuphuzwa ngaphambi kokuyogila imikhuba ekhaya.

"Ufike wahlala eduze kwami yaze yathi enye insizwa ebesihleli nayo lapha kwaZulu yini azoziminyanisa eduze kwami ikhona enye indawo kodwa wathi ufuna ukuhlala eduze kwami.

"Bekungathi kukhona abefuna ukukusho kodwa wagcina engabanga naso isibindi sokukukhuluma. Akuphelanga ngisho imizuzu eyishumi ehleli, ube esethi lacu ngaphandle kokuvalelisa wahamba. Ngalesi sikhathi uJabu bese kunesikhashana ehambile emshadweni esesekhaya," kusho uMngadi.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulalala kanti umsolwa akakaboshwa.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...