Ugcinwe endaweni yokuphepha uBonnette
2012-02-13 10:52
Modimolle - Unkosikazi obengasahlali nosolwa ngokubulala nokuhlukumeza, uJohan Kotze, uyiswe endaweni yokuphepha kulandela ukuthola ucingo obelumsongela ngesonto eledlule.
U-Ina
Bonnette, owadlwengulwa ngabalisa abathathu washaywa kabuhlungu esehlakalweni
okusolwa ukuthi sasihlelwe nguKotzé, ubehlele ukuyolalela icala likaKotzé
enkantolo ngoLwesihlanu olwedlule, kubike i-Eyewitness News.
Ngemuva kokuthola ukwesatshiswa, wahanjiswa endaweni engadalulwanga.
Kuthiwa
umuntu owafona wathi umfakele izibuko, ubheke wonke umnyakazo awenzayo.
UBonnette uthe uyazama ukumelana nesehlakalo esenzeka, okwadutshulwa kwashona
kusona indodana yakhe uConrad Bonnette, 19.
Ubonga abantu abakhombisa ukumeseka kula masonto, uthi yikhona okumnikeza
amandla.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24