Ugcine ulawulekile umlilo eCederberg
2013-01-29 07:58
Cape Town - Umlilo wequbula obusha ubuhanguhangu entabeni eCederberg, eWestern Cape, ugcine ulawulekile, kusho iWorking on Fire (WoF) ngoLwesibili.
"Sigcine siwunqobile umlilo eCederberg, sikhathazeke kakhulu ngendawo yaseFranschoek," kusho okhulumela i-WoF uLinton Rensberg.
Uthe sekujutshwe amathimba angu-14 ukusiza ngemililo equbuke eWestern Cape.
"Sisebenza ngokuzikhandla. Kunezindiza nezimoto zamanzi ezisizayo.
Balwa nemililo equbuke eCederberg ngaseClanwilliam, eFranschoek, Tulbagh nase-Uniondale.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA