Ugaywe ngumshini umsebenzi efemini
2012-04-12 14:05
Johannesburg - Kushone umsebenzi wasefemini ngesikhathi egaywa ngumshini wokugaya amaphepha eWadeville, eGoli ngoLwesine, kusho abezimo eziphuthumayo ngalesi sigameko esinyantisa igazi.
"Lo wesilisa ubehlanza ingxenye yalo mshini ngesikhathi kubambeka ijakhethi yakhe endaweni ebinyakaza," kusho okhulumela iNetcare
911 uJeffrey Wicks.
Isidumbu sikhishwe abanye abasebenzi, esho.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA