Ufuna ukuhlawulwa obencisha umyeni ucansi

2013-02-05 12:02

Cape Town - Owesifazane waseKapa oneminyaka eyisikhombisa encisha umyeni wakhe ucansi, ufuna umyeni amhlawule ngo-R1.3 million kulandela ukuthi ethathe unkosikazi wesibili.

Usomabhizinisi onemimnyaka engu-30 ubudala, utshele iphephandaba iDaily Voice wathi unkosikazi wakhe ubehlale ebika imbiba ebika ubunzi uma kufanele baye ocansini.

Indoda ithi unkosikazi uwuphendule ihlaya umshado wabo ngemuva nje kweminyaka emihlanu, indoda yabe isithatha unkosikazi wesibili.

"Ngokwenkolo yamaSulumane kuvumelekile ukuthi umuntu abe namakhosikazi amabili, " kusho uSheikh Ebrahim Moosa, etshela iphephandaba.

"Kumele kuphela umuntu akhumbule izivumelwano ezenziwa. Kumele unkosikazi abe nezizathu eziqondile uma engeke akwazi ukulala nomyeni wakhe.

"Uma kuwukuthi owesifazane kukhona la engaphathekile khona kahle empilweni ngaleso sizathu anganqaba," kuqhuba indoda.

Unkosikazi wokuqala unezinyanga ezimbili ehleli ekhaya kubo.

"Watshela umama wakhe ukuthi ngithathe unkosikazi wesibili wamtshela nokuthi sinomntwana, ngamtshela umkhwekazi isizathu sami sokwenza lokhu."

Ebuzwa ngalokhu unkosikazi, walile ukuphawula.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Showers early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...