Ufuna izimpendulo umndeni wesosha elishonile

2013-01-18 12:02

Durban - Phezu kokuthi isosha lakuleli elinesifo sokuwa lase linyamalele izinsuku eziyisishiyagalombili, amaphoyisa abengakaze aziswe kwaze kwaba kutholakala isidumbu ezimobeni eziseZululand, endaweni eqhele ngo-7km nenkambu.

Umndeni kamufi uwotha ubomvu uthi ufuna incazelo ngalokhu, kusho umbiko weDaily News.

UCorporal Mhlonipheni Tobias Zulu, 39, woMkhonto weSizwe (MK) Veteran, wanyamalala mhlaka-6 kuyona le nyanga, ngezithuba zawo-03:00, ngemuva kokuthi ethole imvume yokuthi aphume enkambini eseMtubatuba.

Umshana kaZulu, uPhumzile Gebashe, utshele iphephandaba wathi umndeni aweneme neze ngokwenza kweSA National Defence Force (SANDF).

UGebashe uthe uZulu wanyamalala ekade engaphathekile kahle, uthi wabe ekade elashwa enkambini.

“Wayefakelwa amanzi emzimbeni, wase ededelwa ukuthi ayophumula endlini yakhe. Kukholakala ukuthi wahamba wabika ukuthi kunabantu abamhubhayo abafuna ukumbulala," kuchaza umshana.

Umndeni uthi wezwa ukuthi kunomyalelo owaphuma ngaphakathi kwesinye sezikhulu sithi kumele uZulu angashiywa yedwa ngoba akaphilile kahle.

Isitatimende esikhishwe ngokhulumela i-SANDF uBrigadier-General Xolani Mabanga, uqinisekisile ukuthi uZulu uke wagula nokho wakuchitha ukuthi umbutho awenzanga lutho ukuzama ukumthola ngesikhathi enyamalele.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...