Ufuna izimpendulo owakhubazeka esibhedlela

2013-01-02 11:01

Johannesburg - Umlisa waseSoweto osehamba ngezinduku kulandela ukukhubazeka elashwa eChris Hani-Baragwanath Hospital, ezinyangeni ezintathu ezedlule usecele usizo kwabeHealth Professionals Council of SA.

UTshepo Monyake, 38, usebenzisa izinduku zokubamba kusukela ngo-Okthoba ngonyaka odlule, lona wangena esibhedlela kusolakala ukuthi une-meningitis.

Ngokusho kwakhe, uthi udokotela osenamava ngokomsebenzi wayalela udokotela osafunda ukuba amhlole umgogodla, ngokuthi ampompe uketshezi kuwona.

Uthi udokotela oyimfunda wageja umthambo amahlandla amahlanu, nokukholakala ukuthi kwamkhubaza.

Isibhedlela samhlola nge-magnetic resonance imaging (MRI) scan, ngokusho kokhulumela isibhedlela uMonde Ntebe uthi kwatholakala ukuthi uMonyake akanalutho.

Ayitholakalanga incazelo yokuthi kungani engasakwazi ukuzihambela, isiguli sithi sifuna incazelo.

UMonyake usecele iHPCSA ukuba ingenelele kuloludaba, ngokwe-email ethunyelwe kwabakwa-HPCSA ngoDisemba 24, neyabonwa yiphephandaba iSowetan, uMonyake ufuna incazelo ngokukhubazeka kwakhe.

Okhulumela abakwa-HPCSA uLize Nel akatholakalanga ukuphawula ngalolu daba.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone umuntu engozini eKZN

2014-12-22 18:06
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-29°C a few showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 15-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 18-32°C Tstorms late. Morning clouds. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...