Ufuna izimpendulo umama kaReeva

2013-02-18 10:07
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umama wentombi ka-Oscar Pistorius ebulewe uReeva Steenkamp, uthi ufuna izimpendulo ekuthini kungani indodakazi yakhe ibulawe ngale ndlela.

"Ngobani ingane yami encane? Kwenzekeleni lokhu? Ukwenzeleni lokhu, bekwenzakaleni?” kukhala umama kamufi uJune Steenkamp.

Umufi wabulawelwa emzini wesoka lakhe, kanti umsolwa nguye uqobo umsubathi uPistorius.

Kumanje umsolwa ubhekene necala lokubulala, kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili, uma esevela ngaphambi kwenkantolo ngoLwesibili.

"Kuningi ebekusamele akwenze, manje akasekho. Kanjalo nje, akasekho...ngokuphazima nje kweso akasekho. Akekho umuntu obefana naye,” kukhala umama etshela iphephandaba iThe Times, esemzini wakhe oseSeaview, ePort Elizabeth.

"Engikufunayo yizimpendulo qha. Ngifuna ukwazi ukuthi kwenzekeni indodakazi yethu enhle kangaka ize ife kabuhlungu kangaka.”




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Sekushone 103 ezingozini zePhasika

Emizuzwini eyi-27 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 17-21°C Increasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...