Ufuna isinxephezelo sesigidi owaboshelwa ubala
2012-07-17 07:31
Johannesburg - Owesilisa othi waboshelwa icala angalazi ufuna uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uNathi Mthethwa amnxephezele ngo-R1.4 million, kusho imibiko yephephandaba iThe Star ngoLwesibili.
URonald Mashego, noyi-Field Technician, uthi kwaphazamiseka umcimbi welobolo ngesikhathi amaphoyisa embopha phambi kwezihlobo nabangani ngezinsolo zokuthi wabandakanyeka esigamekweni sokugqekeza ngo-Agasti 28.
Emaphepheni afakwe eNkantolo eNkulu yasePitoli, uMashego uthi waba nokukhathazeka emoyeni, wahlukumezeka futhi waphazamiseka nasemqondweni ngesikhathi eboshwe amahora amane.
Uthi wayiswa esitokisini nalapho afike athola khona isifo i-bronchitis ngenxa yokubanda, waphutha nezinsuku ezine emsebenzini.
UMthethwa ubengakaphenduli.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA