Ufuna ingane ebaleke noyise

2012-06-06 14:44

Johannesburg - Uyise wengane wayithatha ethi uyiyisa kwadokotela, akaphindanga wabuya nayo, manje unina wengane ukhala uyazithulisa ufuna intombazanyana yakhe, kubika iDaily Sun.

UNokuthula Mofokeng, 33, waseSpruitview, eKurhuleni uthi uphuke umoya ngoba sekuphele isonto ubaba wengane angasathandani naye enyamalele nengane yabo.

“Ngifuna umntanami!” ekhala ekhuluma nephephandaba.

Umntwana kaMofokeng unonyaka nezinyanga ezinhlanu ubudala.

"Indodakazi yami iyagula, uyise uyithathe ethi uyiyisa kudokotela angisazi ukuthi ngenzenjani," echaza.

“Ngizwa kuthiwa uhlala eRockville, eSoweto nomunye wesifazane, njalo uma ngifona ucingo luphendulwa ngowesifazane angithuke"

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...