Ufakazi ulahle uMabaso ngecala

2013-02-06 07:58

Pietermaritzburg - Lowo owayesebenzisana nosomabhizinisi osolwa ngokukhwabanisa uJabulani Mabaso, wethule ubufakazi eNkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal, eMgungundlovu.

Ufakazi uGillian Broughton utshele inkantolo ukuthi "kwakufanele enze okuthile ngemuva kokuletha amarisidi angamanga".

UBroughton uthe izinto okwakumele azilobe kula marisidi wayeziyalelwa nguMabaso, nowanxenxa ukuthi la marisidi ayiswe eMnyangweni wezeMfundo.

Ephekwa ngemibuzo, uthe babesebenzisana noMabaso kulo mkhonyovu wokuqola uMnyango kulandela ukuthola ithenda.

UMabaso, nongaphandle ngebheyili ka-R1 million, uyawaphika la macala.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Umndeni embangweni wesidumbu

2017-02-27 14:01
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Sunny. Mild. Pta: 15-26°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 13-21°C Showers late. Broken clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Broken clouds. Warm.
Dbn: 19-28°C Sunny. Warm. PE: 18-30°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...