Udutshulwe ebusweni washona eKapa

2013-02-04 10:01

Cape Town - Kushone indoda yaseKapa ngemuva kokudutshulwa amahlandla ayisikhombisa ebusweni, kubika iphephandaba iDaily Voice ngoMsombuluko.

UJerome Scholtz udutshulwe ngempelasonto, nokuyisigameko okusolwa kuso iqembu lezigelekeqe, ngaphandle kwakubo eHanover Park.

Kulesi sigameko kuphinde kwadubuleka owesifazane, kodwa akukubi.

Umama kaScholtz uthe indodana yakhe ibingelona ilungu leqembu lezigelekeqe.

"Ubezibhemela izidakamizwa i-tik, kodwa engesona isigebengu ngakho bekungamele ashone ngale ndlela," kusho uBrenda Davids etshela iphephandaba.

UScholtz ungumuntu wesithathu ukubulawa empini ehlobene neyamaqembu ezigelekeqe.

Ngesonto eledlule kwabulawa uDevan Klaasen, 24, noMogammat Noort Cox.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 13-22°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...