Udubule isoka likankosikazi, wazibulala

2015-02-03 12:32

Pretoria – Indoda ebingasahlali nonkosikazi wayo, iqonde emzini omusha kankosikazi, yafike yamlinda ngaphandle amahora angu-12, ngemuva kwalokho yadubula isoka elisha likankosakazi ngaphambi kokuba izidubule nayo.

INetwerk24 ibika ukuthi ngoLwesibili uLeon Lourens, 47, uzibulele ngesibhamu sohlobo lwe-38 ngemuva kokudubula isoka likankosikazi wakhe.

Funda nalolu daba:  Umama nendodana kwelokubulala ubaba.

Isoka likankosikazi wakhe, uDon Nolan, lidutshulwe amahlandla amahlanu esifubeni, kanti lisesimesi esibucayi esibhedlela.

Unkosikazi wakhe, uHelena, wephuke umunwe ngesikhathi ezama ukukhiphela ngaphandle umyeni wakhe emzini wakhe omusha oseCenturion.

Lezi zithandani kuthiwa bezisezinhlelweni zokwehlukanisa.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 










- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...