Udokotela uthweswe amacala angu-319
2012-12-13 14:02
Johannesburg - Udokotela esibhedlela iGeorge Mukhari, eNorth West, uthweswe amacala angu-319 enkohlakalo, kusho amaphoyisa ophiko loKlebe ngoLwesine.
"Sibophe udokotela oneminyaka engu-49 ubudala, usolwa ngokufaka amaphepha angamanga kuze ezokhokhelwa nguMnyango wezabaSebenzi. Lokhu kwenzeke phakathi kuka-2008 no-2012," kusho uCaptain Paul Ramaloko.
Umsolwa ubesebenza njengodokotela wezifo zonke esibhedlela eGa-Rankuwa, eNorth West, kuthiwa wafaka amaphepha angumgunyathi angu-99, ewahambisa eMnyangweni wezabaSebenzi, kwathi amanye angu-218 wawafaka kwaBonitas Medical Aid.
"Udokotela wayefaka izicelo ethi abasebenzi balimalele emsebenzini, kwamanye athi ubekade elapha iziguli. Imali ekhwatshanisiwe ilinganiselwa ku-500 000," kusho uRamaloko.
URamaloko uthi ngonyaka ka-1989 no-1991, umsolwa walahlwa ngamacala enkohlakalo efanayo, kulindeleke avele ngaphambi kweNkantolo ngoLwesine.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA