Udlwengulwe yindoda ahlangana nayo kuTwitter
2012-05-17 10:03
Johannesburg - Intombazane yasePitoli eneminyaka engu-13 ubudala idlwengulwe yindoda eneminyaka engu-45 ubudala eyahlangana nayo enkundleni yezokuxhumana iTwitter, kusho imibiko yamaphoyisa.
Ngokusho kukaCaptain Marissa van der Merwe, mhlaka-13 Mashi intombazane lena yalova esikoleni ngaphandle kwemvume yabazali yenzela ukuthi umlisa ayivakashele ekhaya kubo eSilver Lakes, kubika iphephandaba iBeeld.
"Ngesikhathi intombazane ivula isicabha yathola ukuthi indoda lena indala kakhulu kunalokho ebiziveze iyikho ku-Twitter," kuchaza uVan der Merwe.
Intombazane yazama ukuvala umnyango umlisa mumbe lona wavula ngenkani.
"Yize noma yazama ukubaleka yagcina ingaphumelelanga, yadlwengulwa."
Umsolwa uvele okwesibli ngaphambi kweNkantolo yeMantshi ePitoli ngoLwesithathu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA