Udlame lusuka obandlululweni - Zuma

2013-02-15 10:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Udlame olukhona emphakathini lwasukela esikhathini sikahulumeni wobandlululo, kusho uMengameli Jacob Zuma ngoLwesihlanu.

"Angicabangi ukuthi isizwe sivele sivuke sesingabantu abanodlame nje. Udlame lungenxa yobandlululo. Uhlelo lobandlululo lwaluhambisana nodlame. Lwalunodlame ngalendlela yokuthi ngisho noma nibhikisha ngokuthula babenilahla phansi ngenhlamvu," kusho uZuma etshela isidlo sasekuseni esihlelwe yiphephandaba iThe New Age.

"Lokhu kudala ukuthi abantu ababecindezelwe basebenzise udlame."

UZuma uthe i-African National Congress yayiyinhlangano engenalo udlame. Kodwa-ke, ngenxa yokuchukuluzwa nguhulumeni wobandlululo, inhlangano yaphoqeleka ukuba ingazithambisi.

"Uma ngenza isibonelo nje ngababhikishi, babhikisa vele sebesemqondweni wokuthi uma benza njalo bazodutshulwa ngakho basuke bekulungele ukususa uthuthuva njalo uma kunemibhikisho," kusho uZuma.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 13-23°C Passing showers. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-18°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 10-21°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-19°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-20°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...