Udlame luphazamise umhlangano we-ANC

2011-12-14 09:49

East Longon - Kulimale abantu abangu-7 ngesikhathi kusuka uthuthuva emhlanganweni we-ANC obuseMthatha, e-Eastern Cape, ngempelasonto.
 
I-Dispatch Online ibike ukuthi kubenokuhilizisana phakathi kwamaqembu amabili  e-ANC ayizimbangi ngokuthi ubani obemele igatsha leward emhlanganweni ngeSonto ntambama.
 
Womabili lamaqembu abethi amele iward.
 
Onogada bazamile ukuxazulula impi.
 
Amanye amalungu aqhumise izibhamu, kanti amanye amalungu ashawa. Abalimele bayiswe ezibhedlela iMthatha General neNelson Mandela Academic.
 
U-Archie Mayekiso, ongunobhala welinye lalawamaqembu, uthe umsindo usuke ngesikhathi amalungu elinye eqembu ezama ukuthatha amafomu obulungu ngenkani, ukuze bakwazi ukungena emhlanganweni.
 
UNkululeko Gili, ongusihlalo weqembu elinqatshelwe ukuba bangene emhlanganweni, uthi kugingeke ukuthi umhlangano uhlehliswe ngenxa yodlame.
 
UMayekiso uthe iqembu likaGili alakhiwe amalungu e-ANC kodwa lakhiwe amalungu enhlangano okuthiwa iCivil Alliance of SA.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...