Udilikajele kumdlwenguli waseKZN

2013-02-01 14:03

Johannesburg - Indoda, 36, ugwetshwe udilikajele itholoza endlini emnyama eNkantolo yesiFunda eSikhawini, ngecala lokudlwengula, ukuphanga nokuthumba, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.

UCaptain Thulani Zwane uthe uBigboy Jiyane ugwetshwe ngoLwesine udilikajele neminyaka engu-60 ngaphezulu, nokuyisigwebo azosidonsa kanye kanye ngecala alenza ngoDisemba 2011.

UJiyane wazithathela isithelo ngenkani kowesifazane, 33, ngaphambi kokubaleka nesikhwama sakhe semali.

Waphinde wadlwengula intombazane, 18, ngayo leyo nyanga eMandlankala, eSikhawini.

"Le ntombazane yayihamba nesoka layo, lona alibopha ngebhande, wase eyidlwengula phambi kwalo," kusho uZwane.

"Wabaphuca amaselula nemali."

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni usamukele lesi sigwebo wathi kumele sibe yisexwayiso nakwabanye abacabanga ukuganga.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-21°C Sunny. Mild. Pta: 1-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...