Udilikajele kowadlwengula ugogo
2012-11-16 16:28
Durban - INkantolo eNkulu eMgungundlovu iyigwebe udilakajele indoda yaseNew Hanover, KwaZulu-Natal, elahlwe yicala lokudlwengula umakhelwane wayo oneminyaka engu-82 ubudala, kubika izindaba zakwaSABC.
U-Avelo Tuswa, 25, wavuma leli cala ngenyanga ka-Okthoba, ugogo uqulekile enkantolo ngesikhathi uJaji u-Igna Stretch efunda isigwebo.
Ugogo uphuthunyiswe esibhedlela esiseduze, ebufakazini bakhe uTuswa, wathi wabe edakiwe ngesikhathi enza icala.
Watshela inkantolo wathi wayedlula ngasemzini wesalukazi ngesikhathi ebona kuvuliwe wase esihlasela.
Lona kuthiwa waqala wasabisa ugogo ngaphambi kokuthi amdlwengule, umbiko wodokotela waqinisekisa ukuthi ugogo walinyazwa kambi kulesi sehlakalo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).