Udilikajele kowadlwengula ongaphilile ekhanda
2013-01-24 16:37
Durban - Indoda yaKwaZulu-Natal izohlala impilo yayo yonke ejele kulandela ukuthi iNkantolo yesiFunda eSikhawini, iyilahle ngecala lokudlwengula, kusho amaphoyisa ngoLwesine.
Indoda eneminyaka engu-47 ubudala, yadlwengula owesifazane ophazamisekile ekhanda, lokhu kwenzeka endaweni yaseMpembeni ngasePort St Johns.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane, uthi isehlakalo senzeka ngo-Agasti 2010.
"Owesifazane wayesekhaya ngesikhathi kutheleka le ndoda imdonsela esikhotheni sikamoba esiseduzane, ifika imhlukumeza, kusho uZwane.
Isisulu satholwa ngudadewano owayekhathazekile, ngesikhathi ehamba ethungatha, wafica indoda izitika ngaye.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).