Ucansi lumnandi uma owakho ephiwe induku - Obehayiza

2015-01-22 13:35

Johannesburg - Omakhelwane bezwa umsindo wokuhayiza kowesifazane osemusha base bebiza amaphoyisa ngoba becabanga ukuthi uyadlwengula.

Omakhelwane batshele amaphoyisa ukuba aweze azosiza lona wesifazane ohayiza kangaka.

Kodwa empeleni lona wesifazane ubengadlwengulwa –  ubehayiziswa ucansi obelumnandi ngokwedlulele!

Kwakuyizithuba zabo-03:00 ekuseni ngesikhathi amaphopyisa ayehlome ezingovolo ezungeza umjondolo waseSpook Town.

Amaphoyisa ayezilungiselele ukugadla, kodwa ngesikhathi esephakathi endlini  - ngemuva kokugquzula izicabha – athola owesifazane ephezulu kwendoda yakhe, eneminyaka elinganiselwa kwengu-50 ubudala.

Watshela amaphoyisa ukuba aphume.

Funda nalolu daba: Izinto ezenziwa abesifazane ezingehli kahle emadodeni.

Ngemuva kwesikhashana lona wesifazane waphumela emnyango edinwe ethelwa ngamanzi, wathethisa amaphoyisa.

“Wasitshela ukuthi lena yindoda yakhe, ayimdlwenguli,” kusho iphoyisa libonakala nje ukuthi lishaywa amahloni.

“Le ndoda ingeyami futhi sisazoqhubeka nokuzithokozisa, sisazohayizisana kakhulu kunalokho,” kusho owesifazane.

“Ucansi lumnandi uma indoda yakho iphiwe induku,” usho kanje.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

 

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho


  -
Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook



- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...