Ubuyiselwe ezokushayela owashayisa abagijimi
2013-02-18 14:03
Pretoria - Inkantolo eNkulu yasePitoli, ibuyisele emuva izincwadi zokushayela zomsolwa obhekene necala lokubulala abagijimi abahlanu.
Unjiniyela uSibusiso Langa, wabe ephuze eyinhlabathi ngesikhathi eshayisa abagijimi ngemoto yakhe eyiMercedes-Benz ML500, mhlaka-23 Okthoba 2011.
Ngonyaka owedlule iNkantolo yeMantshi yasePitoli, yadlulisa icala likaLanga, yalidlulisela eNkantolo eNkulu ePitoli.
NgoMsombuluko abameli bakaLanga baveze ukuthi abakakulungeli ukuthethwa kwecala.
Ummeli uRichard Mkhabela, uthi ukungabi nezincwadi zokushayela kukamsolwa, kungenye yezinto ezenza kube nzima ukuhlangana kwabo kudingedwe ngecala.
IJaji uPotteril Sulette uthe uLanga akabuyiselwe izincwadi zakhe kuze ezokwazi ukuxhumana nabameli.
Ekuveleni kukaLanga ngaphambi kwenkantolo ngoMeyi nyakenye, watshelwa ukuthi ubhekene namacala amahlanu okubulala, elokuzama ukubulala kanye nelokushayela edle amanzi amponjwana.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA