Ubuyele esikhundleni sakhe ku-ANCYL uMabe

2013-01-29 08:31

Johannesburg - I-ANC Youth League igcine ikhethe ukubeka eceleni ukungaboni ngasolinye noKhongolose, yavuma ukuba ngaphansi kweso elibukhali leqembu, kulandisa iSowetan.

Abaholi bophiko - lowo oyibamba kwesikamengameli uRonald Lamola, oyibamba likaNobhala uKenetswe Mosenogi nalowo obuyiselwe esikhundleni soMgcinimafa uPule Mabe - bamemezele ePitoli ngoMsombuluko ukuthi iNational Executive Committee (NEC) ivumele ukuthi i-ANC ibe yingxenye yokuqhubeka ophikweni.

Lokhu kuzoba njengezifungo ezenziwa enkomfeni eMangaung, eBloemfontein, ngoDisemba.

ULamola uthe: "I-NEC igcine ivumile ukungena ngaphansi kwephiko le-ANC ukuze kuqhubeke umsebenzi."

Kulindeleke ukuthi kube nokhetho oluzogcwalisa izikhala zikaJulius Malema noSindiso Magaqa kungekudala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-21°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-20°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...