Ubuyele emsebenzini uthishanhloko owamiswa

2012-12-04 14:03

Durban - Uthisha odumile wesikole samabanga aphezulu nesihamba phambili ngamamaki eMbumbulu, ubuyele emsebenzini ngemuva kokuhlala ekhaya izinyanga ezintathu, kubika iNewswatch.

UPremilla Deonath wamiswa eKhulabebuka Secondary ngoJulayi ngemuva kokuthi abanye othisha bekhale ngendlela aphethe ngayo.

Ukungabi khona kwakhe kwaqubula intukuthelo kubafundi njengoba bakhala ngokuthi ucwaswa ngokwebala ngemuva kokuthathela izinyathelo othisha ababengazimiseli emsebenzini wabo.

Abafundi bavala amasango, befuna abuyiselwe esikhundleni.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMuzi Mahlambi uthi banqume ukuvumela uDeonath abuyele emsebenzini njengoba kusaqhubeka uhlelo lwangaphakathi.

"Kuzolandelwa imigudu ethile ngalolu daba. Sibe sesinquma ukuthi uthishanhloko abuyele emsebenzini owamanje," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

I-ANC ifuna iPhalamende livikele uZuma

Emizuzwini eyi-32 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 3-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-23°C Morning clouds. Mild. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...