Ubuyele ekhaya uMagaqa - Umbiko

2013-08-02 10:04

Johannesburg - Lowo owayenguNobhala Jikelele we-ANCYL uSindiso Magaqa usesebenza njengelungu elejwayelekile ku-ANC egatsheni iHarry Gwala, KwaZulu-Natal, kusho umbiko weThe Star ngoLwesihlanu.

"Akanaso isikhundla. Usebenza ngenkulu inhlonipho nesizotha kanti akanazinhlelo zokushiya i-ANC," kusho lowo okhulumela iProvincial Task Team ye-African National Congress Youth League, uSbu Ngwane.

UNgwane kuthiwa uthe ukuziphatha kukaMagaqa yikho okuzokhombisa ukuthi ngabe usifanele yini isikhundla esiphezulu.

Owayengumholi we-ANCYL uJulius Malema waxoshwa, kwathi uMagaqa yena wamiswa ngonyaka odlule ngemuva kokutshala uqhekeko ngaphakathi eqenjini.

Unswinyo lukaMagaqa lwaphela ngo-Ephreli.

Ngokombiko wephephandaba uMagaqa usehlala kubo eMzimkhulu, KwaZulu-Natal.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 17-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-32°C Scattered showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C Afternoon clouds. Warm. PE: 21-27°C More clouds than sun. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...