Ubuyela enkantolo uMpisane

2012-12-03 12:02

Durban - Usomabhizinisi waseThekwini uShauwn Mpisane, uzobuyela ngaphambi kweNkantolo yesiFunda eThekwini ngoMsombuluko, njengoba kuqulwa icala, ngaphakathi kwelinye icala.

UMpisane ufuna ukunikwa umqulu ongamakhasi angu-148, owahanjiswa ngabaqoqi bentela ngaphambi kwenkantolo.

Umqulu lona wabe unikwe abakwa-ADR, okuwuhlelo oluzama ukuxhumanisa osomabhizinisi nabaqoqi bentela, ngenhloso yokugwema izinkinga zokungakhokhwa kwentela.

Umshushisi uMeera Naidu uthi amaphepha athathwa ngabakwaSA Revenue Services, bewathatha kwa-ADR, abakwa-ADR bahlela izindlela zokubuyisana uma kunokungaboni ngaso linye phakathi kosomabhizinisi nabaqoqi bentela.

Umgomo wakwaSars uthi amaphepha ahanjiswe kwa-ADR ayimfihlo.

UMabongi Flora-Junior "Shauwn" Mpisane, ubhekene necala lokukhwabanisa intela ka-R5 million.

Ubhekene nelinye icala lokuphula umthetho ngaphansi kweClose Corporations Act, njengoba kunguye kuphela isikhulu enkampanini yakhe iZikhulise Cleaning, Maintenance and Transport CC, ekubeni umthetho uthi kumele babe ngaphezu koyedwa abaphathi.

Umsolwa uyawaphika wonke amacala.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-22°C Cloudy. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...