Ubunezingqinamba unyaka - Zuma

2012-12-31 12:29

Johannesburg - Uhlelo iNational Development Plan, udaba oluthinta obhejane, ukuhanjiswa kwentuthuko, ibhola lezinyawo, iBrics, indaba yaseMarikana kanye nodaba oluthinta owabe enguMengameli uNelson Mandela, ngezinye zezinto eziphithanise ikhanda likaMengameli wezwe uJacob Zuma, njengoba kusongwa unyaka ka-2012.

Ethula inkulumo yokuphetha unyaka, umengameli uthe i-NDP izokuba ngumkhombandlela wekusasa lezwe.

Ngonyaka ka-2030, i-NDP izokwakha imiphakathi engenayo inkinga yamanzi, imiphakathi enogesi, impilo engcono, enemfundo engcono futhi kudaleke namathuba emisebenzi.

Unyaka lona ube ngonezigemegeme nezingqinamba, kusho inkulumo kaZuma.

Uqhubeke wathi izwe likhombise ukuba yizwe elikwaziyo ukubhekana nezinkinga futhi lizixazulule ngaphandle kodlame.

UZuma ukhumbule isigameko sokubulawa kwabavukuzi abangu-34, abadutshulwa ngamaphoyisa emayini eMarikana, ube esethi izakhamuzi kumele zibe nokuthula kugwenywe nezehlakalo zokuhlukunyezwa kwezilwane, ezifana nobhejane.

Ube esencoma bonke laba ababe kanye nomndeni wakwaMandela, ngesikhathi uTata engeniswe esibhedlela.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 14-27°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Morning clouds. Warm. PE: 14-21°C Showery. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...