Ubulewe ogxobe isikhothane

2012-11-29 14:05
Yabelani Shicilela

Bloemfontein - Kuthe uma kungena ingoma emshaya ngaphakathi, uTshepo Ntahane, 23 wenza into yamehlo eshibhini edansa ezephula kanti kuzokwenzeka iphutha kunyatheleke isikhothane ebesigqoke i-carvela ka-R1 200.

UNtahane uxolisile wacabanga ukuthi isidlulile kanti cha isikhothane simlinde ngaphandle, wathi uma ephuma samdubula ekhanda.

Iphephandaba iDaily Sun lithe uNtahane ushonele esibhedlela iPelonomi, eBloemfontein.

Umngani kaTshepo uNkosinamandla Mokoena, uthi bebezijabulisa eshibhini ngesikhathi kungena ingoma ethandwa nguTshepo, iStokvel, eculwa nguMahoota.

“UTshepo ube esesukuma edansa, ngebhadi wanyathela isikhothane ngamateki akhe eSoviet. Uxolisile kodwa kwacaca ukuthi lona akanalo uxolo ngoba ube esemdubula ngesikhathi siphumela ngaphandle."

Umama kamufi uMpho Kgiba, uthe ufike eshibhini selidume ledlula.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Masilela Langa uthe sekuvulwe idokodo lokubulala, akukaboshwa muntu.


 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...