Ubulewe bebanga ugwayi eMqanduli

2012-12-10 16:53

Johannesburg - Indoda eneminyaka engu-54 ubudala, iboshiwe mayelana necala lokugwaza ibulale enye, bebenga usikilidi, endaweni yaseFutye, eMqanduli.

Umbiko ukhishwe ngamaphoyisa ase-Eastern Cape, ngoMsombuluko.

"Kukholakala ukuthi umufi ucele ukuthi umsolwa ambhemise, umsolwa unqabile, umufi wazama ukumphuca ugwayi wakhe,” kusho okhulumela amaphoyisa uMajor Zamukulungisa Jozana, othe lesi sehlakalo senzeke ngoMgqibelo.

Amadoda womabili abehambele umcimbi obusendaweni.

Umufi oneminyaka engu-30 ubudala, ushonele endaweni yesehlakalo.

Umsolwa kulindeleke avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMqanduli, ngoLwesibili, ubhekene necala lokubulala.
 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UThabo Mbeki uphikela uhulumeni

Emizuzwini eyi-41 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Afternoon clouds. Mild. Pta: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-25°C Sunny. Mild. PE: 12-25°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...